close
close

Apre-salomemanzo

Breaking: Beyond Headlines!

OweChiefs engcupheni yomlando omubi kwiPSL
aecifo

OweChiefs engcupheni yomlando omubi kwiPSL

PHEZU kokuba umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, u-Inacio Miguel, efike waphenduka iqhawe labalandeli kodwa usengcupheni yokuzifaka emlandweni ongemuhle kwiPremier Soccer League (PSL).

UMiguel oyibamba maphakathi emuva, ujoyine iChiefs esuka kwiPetro de Luanda yase-Angola, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2024/2025. Ukhombise zibekwa ukuthi uzoyixazulula inkinga yangesizini edlule yokungenelwa ngamagoli kalula kuleli qembu.

Ukwethenjwa kwakhe eNaturena kubonakele ngokuthi anikwe ibhande likakaputeni okuyinto engajwayelekile kubadlali abasanda kufika kuleli qembu. Nokho ngempelasonto edlule, ushiye ozakwabo otakwini ngesikhathi ethola ikhadi lesibili eliphuzi eliholele ekutheni akhonjwe ngaphandle ngesikhathi Amakhosi ebhubhudlwa yiMamelodi Sundowns emdlalweni we-quarter-final ahlulwe kuwona ngo 4-0 eFNB Stadium.

UMiguel ubedlale lo mdlalo ephuma esigwebeni samakhadi amane, aphuzi awaqoqe emidlalweni emine esiholele ekutheni engadlali koweMagesi.

Ukuqoqa kwakhe amakhadi ngale ndlela kumbeka engcupheni yokubalwa nabadlali abathole amakhadi amaningi emlandweni wePSL eyasungulwa ngo-1996. Irekhodi lamakhadi amaningi eMzansi liphethwe nguMorgan Gould won lalela iJomo Cosmos, SuperSport United, Kaizer Chiefs, Stellenbosch and Sekhukhune United. UGould wathola amakhadi amathathu abomvu ngesizini ka-2007/2008 eyibamba kwiCosmos. Waqoqa aphuzi angu-12 ngesizini ka-2010/2011. Waphinda wangena izikhawu ezingu-12 ebhukwini likanompempe ngesizini ka-2016/2017 eseyibamba kwiKaizer Chiefs. Ngesizini ka-2017/2018, waqoqa amakhadi aphuzi ayisishiyagalombili, nelibomvu.

Njengoba uMiguel esethole ikhadi elibomvu kule sizini, usesalelwe ngelinye ukuthi alingane nabadlali abathola amabili emunye ngesizini edlule. Laba badlali ngu-Olivier Touré weStellenbosch, Edmilson Dove weChiefs no-Abbubaker Mobara waMaZulu othole elinye ngesonto eledlule.

Nakuba eMzansi bekhona abadlali abaziwayo ngokuqoqa amakhadi ngenxa yokudlala kabi nokuhluleka ukuziphatha enkundleni kodwa ngeke bafaniswe nabahamba phambili emhlabeni. Sergio Ramos (29) was Spain and Real Madrid, Zlatan Ibrahimovic (15) was Sweden and Edgar Davids (25) was the Netherlands.