close
close

Apre-salomemanzo

Breaking: Beyond Headlines!

UKomphela ulindele enye impi koweCarling neChiefs
aecifo

UKomphela ulindele enye impi koweCarling neChiefs

ULINDELE okufanayo nokwenzeka emdlalweni weligi uma sebhekene neKaizer Chiefs kowama-quartefinal eCarling Knockout, omunye wabaqeqeshi beMamelodi Sundowns, uSteve Komphela.

AmaBrazilian neChiefs bazolwela ukuzifaka kowandulela owamanqamu njengoba bezohlangana ngoLwesihlanu ngo-6 ebusuku, eFNB stadium.

Kuzobe kungokwesibili lawa maqembu egadulisana kule sizini ka-2004/25 ngoba aseke abhekana koweBetway Premiership, owanqotshwa yiSundowns ngo 2-1 ngoSepthemba.

AmaSandawana Angena Kuma-quarter-final ngokuxebula iLamontville Golden Arrows ngo 5-0 koweLast 16, iChiefs nayo yadlula ngehubo ibhaxabula iSuperSport United ngo 4-0.

“Ngicabanga ukuthi kuzoba umdlalo othokozisayo. Njengoba la maqembu ezobe ebhekana okwesibili kusho ukuthi abantu sebelindele okuthile.

“Ngalolo suku iChiefs yasheshe yashaya igoli enkundleni eyayigcwele, sashintsha isimo ngenxa yabo bonke abalandeli ababekhona. Silindele okufanayo kulo mdlalo ozayo.

“Siyajabula ukuthi abalandeli bazophinde baphume ngobuningi babo kodwa sinethemba lokuthi bazofika enkundleni kusenesikhathi. Ukubambezeleka kokuqala komdlalo kuba nomthelela ongemuhle ezintweni eziningi ngoba abadlali basuke sebelungiselele ukuqala ngesikhathi esihleliwe.

Maphakathi nesonto iPremier Soccer League ibike ukuthi bese kudayiswe u-70% wamathikithi alo mdlalo.

UKomphela uthe nakuba engafuni ukudalula izimfihlo ngabakubone ngesikhathi behlaziya izinguquko ezifike nomqeqeshi omusha weChiefs, uNasreddine Nabi, kodwa kuyabonakala ukuthi likhuphukile izinga lokuzethemba eqenjini nakubalandeli imbala.

“In esizobukela kuyona wumdlalo esiwudlale neChiefs kwiligi. Sizobheka lapho senza kahle khona, sibone ukuthi sisengawathola yini lawo mathuba. Sizobheka esahlomula ngakho emdlalweni odlule noma ekhona amathuba okuthi sekulungisiwe.

“Angicabangi ukuthi kungaba kuhle ukuhlala lapha ngihlaziye izimbangi zethu. Baqinile kwezinye izindawo, babuthaka kwezinye. Okugqamile ukukhuphuka kokuzethemba kubona. Kukhona Amandla abanawo avela emiphumeleni abayitholile kanye nendlela ababona izinto zenzeka ngayo enkundleni”, Kusho uKomphela.