close
close

Apre-salomemanzo

Breaking: Beyond Headlines!

OweNatal Rich Boys ubukela kuWilliams
aecifo

OweNatal Rich Boys ubukela kuWilliams

UNOZINTI waseKenya ofike kwiRichards Bay FC wadla ijezi, u-Ian Otieno, uvule isifuba ngokubukela kwakhe cishe yonke into kukaputeni weMamelodi Sundowns neBafana Bafana, uRonwen Williams, yize bengontanga ngokweminyaka.

U-Otieno (31) osayiniswe kwiBay ngasekuqaleni kwesizini usanda kutshela Isolezwe engxoxweni abenayo nalo muva nje ukuthi, cishe konke akwenzayo ukubukela kulo nozinti weBafana oneminyaka engu-32 ubudala.

Kusukela u-Otieno efikile esuka kwiZESCO United yaseZambia, useliphendule elakhe ijezi kwiNatal Rich Boys lapho egudluze khona, uSalim Magoola, wase-Uganda.

Okunye okusize u-Otieno ukuthi uMagoola akayidlali iCarling Knockout ngenxa yokuboshwa yinkolo ayilandelayo ekubeni kuqale isizini ka-2024/2025 ehlushwa ukulimala.

Ngokusho kwakhe, ukusayina eqenjini lePremier Soccer League (PSL) kufane nokufezeka kwephupho ngoba usezombonela eduze uWilliams.

“Ngisho ngingakafiki eNingizimu Afrika bengiwumlandeli kaWilliams yize ngokweminyaka singontanga. Umuntu uma engcono ungcono”, kusho yena.

“Ngicabanga ukuthi izitobha ezidlala noWilliams zingezinye zezikhululeke ukuzedlula zonke kwiPSL ngoba uwuhlobo lukanozinti onekhono lokubona okuningi kungakenzeki.

“Ngaso sonke isikhathi ngizama ukwenza ngendlela enza ngayo yize umehluko phakathi kwami ​​​​naye usobala kwazise angikaze ngiqokwe njengonozinti ovelele kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).

“Ngiyaqonda ukuthi singontanga kodwa ukufihla ukuthi ngibukela kuyena ngeke kungisize ngoba ngiyadinga ukukhula ngize ngifike ezingeni lakhe.

“Akumina ngedwa engibukela kuyena kepha bakhona nabanye onozinti okuthi uma sixoxa kucace ukuthi cishe sonke sibukela kuyena lo mholi”, kusho yena.

U-Otieno uveze ukuthi yena akakholelwa kulo muzwa wokuthi iNingizimu Afrika iyashoda ngakonozinti.

“Baningi onozinti baseNingizimu Afrika kwi-PSL futhi okuhle ngabo ukuthi basavunywa iminyaka njengoSipho (Channel). UWilliams uyena osesicongweni kodwa baningi abanethuba lokufika ezingeni lakhe.

“Unozinti ovelele e-Afrika ungowaseNingizimu Afrika futhi usanda kuqokelwa owes the Ballon d’Or Yachine Award.

“Lokhu kukodwa kuwubufakazi obuqanda ikhanda bokuthi bakhona onozinti eNingizimu Afrika futhi basazokwanda yinqobo nje uma uWilliams ezolokhu eqhubekile nokugila izimanga”, kusho u-Otieno.